Kumiswe abasebenzi ababili e-Unisa ngezokunukubeza ngokocansi

2018-03-23 19:27

Johannesburg - Inyuvesi i-University of South Africa (Unisa) ngoLwesihlanu ithI ikhathazekile ngezinsolo zokunukubezwa ngokocansi noma zokudwengula ezibhekene nomunye wabasebenzi besikhungo se-Early Childhood Education (UCECE).

"Sithanda ukusho ukuthi i-Unisa ayihambisani nanoma yiluphu uhlobo lokuhlukumeza emsebenzini kanti uma kunemibiko engenayo yokuhlukumeza, leyo mibiko iyaphenywa kuze kufike emaphethelweni," kusho abenyuvesi ePitoli.

OLUNYE UDABA:Kudlwengulwe ozithwele eLimpopo

Abesikhungo bathi sebemise abasebenzi ababili ngalezi zinsolo.

"Inyuvesi ikuqaphele nokuthi lezi zinsolo zibikelwe amaphoyisa e-South African Police Service (SAPS), nawo enza uphenyo ngazo. Inyuvesi izosebenzisana nophenyo lwamaphoyisa.

"Okwamanje, sicela uphenyo lwamaphoyisa nolwenyuvesi lungaphazanyiswa luze lufike emaphethelweni. Abaphathi baphinde bacela ukuba uma bekhona abasebenzi noma izitshudeni ezihlukunyezwayo babikele abantu abafanelekile futhi kulandelwe imigudu efanele."


 - eNCA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.