Kumiswe amalobolo kuMshoza ‘okhulelwe’

2017-01-22 18:34

Durban – Sekumphuthisele ngamalobolo ukugula kukanina uNomasonto Maswanganyi odume ngelikaMshoza nokusanda kuvela amahlebezi okuthi ukhulelwe.

UMshoza unezingane ezimbili azithole esashade nosomabhizinisi waseWitbank uJacob Mnisi.

Lo mshado wabo uhaqwe yizinkinga bagcina behlukana.

Njengamanje uthandana nosomabhizinisi waseBergville, uThuthukani Mvula, nokuthiwe uzoba sesithenjini kodwa akuchithile phambilini.

Ube sematheni futhi ngokujovwa ngemijovo eshintsha ibala lelsikhumba.

OLUNYE UDABA: Usaziwayo uzongena esithenjini nosomabhizinisi waseBergville

UMshoza ukhulume neLANGA langeSonto wathi namanje usamangele ukuthi ngabangani abanjani laba abahamba bekhefuza izindaba zakhe ngoba yena akakhulelwe.

“Mina bengiye kudokotela ngoba vele ngihlushwa yisifo sikashukela. Kabazange bayiqinisekise eyokukhulelwa.,” esho.

Uthi ukugula kukanina yikho athi kuphoqe ukuba kuhlehliswe ukulethwa kwamalobolo kubo ngempelasonto yokugcina kule nyanga.

“Okungihlupha kakhulu nokwenza ngingapheli esibhedlela ukuthi kunabantu asebethi akucishwe imishini, kanti mina ngisenethemba lokuthi umama uzophila,” esho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.