Kumiswe amaphoyisa omgwaqo angu-70 ngenkohlakalo eGauteng

2017-01-24 10:01

Gauteng – I-Automobile Association(AA) isikwamukele ukumiswa kwamaphoyisa omgwaqo angu-70 ezikhungweni ezingu-6 zokuhlolelwa ukushayela eGauteng ngezinsolo zenkohlakalo.

I-AA ithi iqaphelile ukuthi: “Izinkinga eziningi eziyamaniswa nokuphepha emgwaqeni ziqala futhi ziphelele ezikhungweni okukhishwa kuzo izincwadi zokushayela. Abaphathi abahlukene eMnyangweni wezokuThutha sebezwakalise ukukhathazeka ngenkohlakalo edla lubi kulezi zikhungo, ebeka abashayeli abangalungele futhi abayingozi emigwaqeni yethu, kanjalo nezimoto ezingaphephile futhi ezingekho esimweni sokuba semgwaqeni.

OLUNYE UDABA: Liqondiswe izigwegwe ikhansela elazama ukukhuza inkohlakalo

“Ngokwethu lokhu kuyakhuthaza, futhi yisinyathelo sokuqala okufanele engabe kudala senzeka ekubhekaneni nalezi zinkinga.”

Lo mnyakazo wenzeke ngemuva kokuthi uNgqongqoshe wezokuthutha, uDipuo Peters, eye wamemezela ngaphambilini kule nyanga ukuthi iRoad Traffic Management Corporation (RTMC) izohlola izikhungo ukuthola izinga lenkohlakalo ekukhishweni kwezincwadi zokushayela kanye nezitifiketi zokuba sesimweni somgwaqo kwezimoto.

I-AA ithi ikholwa ukuthi lokhu okwenzeke eGoli kuseyisiqalo nje.

“Sidinga iRTMC ukuthi yenze ngendlela efanayo ezikhungweni zokuhlolelwa izincwadi zokushayela ezweni lonke, futhi yenze njalo ngokushesha, kwenzelwe ukuphepha emgwaqeni okungcono.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.