Kumiswe ezamalobolo ngenxa yokugula kukamama kaMshoza

2017-02-01 16:01

Johannebsurg - Umculi weKwaito wakuleli uMshoza ogama lakhe lokuzalwa nguNomasonto Maswanganyi uthi kumphatha kabuhlungu ukubona umama wakhe esesimeni esingesihle sempilo.

Kubikwa ukuthi umama kaMshoza akasakwazi nokukhuluma futhi usephefumula ngemishini esibhedlela.

"Izinto azihambi kahle kumama wami," kusho lo mculi.

OLUNYE UDABA:UMshoza uthi wayecabanga ukuthi sekuphelile ngaye ethola isibhaxu

UMshoza uqhube ngokuthi: "Ngiyalele umndeni wami ukuba ucishe imishini ngoba nginethemba lokuthi umama usazophila."

Lesi sihlabani esinminyaka engu-34 ubudaa sithi emasontweni angu-6 edlule ngaphambi kokuba umama waso angeniswe esibhedlela, samhambisa kadokotela ngoba wayengaphilile kodwa welulama ngokushesha ngemuva kokuthola usizo, wabuyela ekhaya eSoweto.

Yize kunjalo, ngosuku olulandelayo uMshoza wathola ucingo oluvela kumalume wakhe embikela ukuthi umama wakhe uqulekile,kwase kushayelwa i-ambulensi waphuthunyiswa esibhedlela.

Ngesikhathi esesibhedlela, uMshoza uthe umama wakhe wavele wangabe esaphefumula kwaphela amahora amabili.

"Angazi kwenzekani kodwa kwaphela amahora amabili engaphefumuli bazama ukumhlenga," echaza.

Uthe ngenxa yesimo sikamama wakhe, yena nesoka lakhe uThuthukani Mvula, bakhethe ukuba bamise izingxoxo zamalobolo.

"Kufanele sime aze abengcono umama. Angikwazi ngisho nokugubha ukuqokelwa kuma-Metro FM Awards aze alulame umama."

Lo mculi uthe akafuni ukunaba kakhulu ngesimo sikamama wakhe kodwa wathi umvakashela cishe zonke izinsuku esibhedlela afike akhulume naye.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.