Kumiswe ikhansela le-DA ngokufisela abashayeli bezithuthuthu ukufa

2017-12-19 19:31

Cape Town - IDemocratic Alliance (DA) eNorthern Cape isimise ikhansela ngombhalo walo eliwufake enkundleni yezokuxhumana iFacebook obhekiswe kubashayeli bezithuthuthu.

Leli khansela eselimisiwe emsebenzini libhale ukuthi lifisa sengathi abashayeli bezithuthuthu bangaya kwagoqanyawo, kusho umholi wesifundazwe ngoLwesibili.

Umbhalo waleli khansela likaMasipala waseSol Plaatje, u-Ockert Fourie, obukuFacebook ubufundeka kanje: "Ngiyafisa ukubona izinsimbi, igazi, amathumbu nobuchopho babashayeli bezithuthuthu bugcwele umgwaqo nezigxobo zikagesi."

UFourie uthe abashayeli bezithuthuthu abanandaba nabantu abadala noma abantu abasebenza ebusuku uma benza umsindo wezithuthuthu.

OLUNYE UDABA:Lithole ibheyili ikhansela le-ANC elibhekene necala lokuzama ukubulala

"Awukwazi ukubafundisa ngoba banenhlamba futhi bayahlanganyelana baphinde baqhubeke nokwenza umsindo," eqhuba.

"Ngakho, ukubona igazi nezicubu zomzimba kwala bantu abangakwazi ukuziphatha emgwaqeni kungangigculisa."

Lo mbhalo awusekho kuFacebook kanti uFourie uye waxolisa ngemuva kwesikhashana, wathi inkulumo yakhe ibingabhekisiwe kubo bonke abashayeli bezithuthuthu.

Umholi we-DA eNorthern Cape, u-Andrew Louw uthe iqembu liyaziqhelelanisa nesitatimende sikaFourie.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.