Kumiswe inhloko yoMnyango wezeMpilo ngokufa kweziguli

2017-02-09 12:32

Johannesburg – Inhloko yoMnyango wezeMpilo esifundazweni iGauteng, uBarney Selebano, imisiwe ngokushesha emsebenzini ngoLwesithathu.

Ngesikhathi kukhishwa umbiko ngokufa kweziguli eziphazamiseke ngokomqondo, kwatholakala ukuthi nenhloko yoMnyango yabanesandla kulolu daba.

Inyunyana iSolidarity imemezele uhlelo lokusiza imindeni yezisulu ukumangalela uhulumeni.

OLUNYE UDABA: Ucishe washona ongenwe yikokoroshe ekhaleni

UMnyango wezeMpilo eGauteng ngonyaka odlule wakhipha iziguli ezingu-1 300 eziphazamiseke emqondweni eLife Esidimeni wazifaka ezikhungweni ezizimele ezingenzi nzuzo, nokutholakale ngokuhamba kwesikhathi ukuthi bezisebenza ngaphandle kwezincwadi zokunakekela abantu abaphila nokukhubazeka.

Umbiko ubunezincomo zokuba uSelebano nobenguNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng uQedani Mahlangu –owesulile esikhundleni - bathathelwe izinyathelo kanye noMqondisi weMental Health Services uMakgabo Manamela, ngeqhaza labo kulolu daba.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.