Kumiswe iphoyisa likaMasipala litholakala nezimpahla ezebiwe nesibhamu esingekho emthethweni

2018-04-12 12:35

Matatiele - Limisiwe emsebenzini iphoyisa lomgwaqo emkhandlwini kamasipala waseMatateiele, e-Eastern Cape emuva kokutholaka nempahla eyebiwe, isibhamu esingekho mthethweni nemali elinganislelwa kuR 50 000.

Iphoyisa uRichard Thomas (30) uboshwe ngeledlule amaphoyisa akuleya ndawo phakathi esendleleni engena edolobheni laseMatatiele zintathakusa nalapho itholwe emotweni abehamba ngayo le mpahla.

Kuthiwa ukuboshwa kwakhe kuvundulule ukuthi le mpahla yebiwe kwesinye sezitolo somdabu waseParkistan ekutholakale ukuthi uphangwe kuhlonyiwe esigodini sakwaNchodu khona eMatatiele.

Umkhandlu kamasipala waseMatatiele uthe emuva kokuthola izindaba zokuthi umsolwa usevele okwesibili enkantolo ngecala elifana naleli banqume ukummisa emsebenzini ngenxa yokuthi umthetho wabo awubavumeli ukuthi baqashe abantu abanamacala abeka isithunzi somkhandlu engcupheni.

OLUNYE UDABA: Kushone 5 wabantu kusha umuzi ePMB

Okhulume lowa mkhandlu uNkk Olwethu Gwanya uthe ngenxa yokuthi umthetho uyabaphoqa ukuthi bonke abasebenzi abangamaphoyisa kamasipala bangatholwa benamacala baphoqelekile ukulimisa iphoyisa labo lomngwaqo balinde uphenyo lwamaphoyisa nesinqumo senkantolo.

“Kodwa ke ngenxa yobucayi becala abhekene nalo umsolwa, isigcawu samakhansela nabaphathi bomkhandlu baqume ukuthi amiswe nakuba sazi ukuthi umuntu kuthiwa unecala emuva kokulahlwa yinkantolo” kusho uNkk Gwanya.

Ukuqinisekisile ukuthi bona bewu mkhandlu kalukho uphenyo abazolwenza kepha baxhamelele kwisinqumo senkantolo nokuthi ke umkhandlu wabo kawubekezelani nezinto eziphambene nomthetho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.