Kumiswe othisha abasolwa ngokucwasa ngokwebala abafundi eThekwini

2017-08-21 12:30

Durban - UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi othisha ababili abasolwa ngokucwasa ngokwebala abafundi esikoleni iGeorge Campbell School of Technology eThekwini bazomiswa emsebenzini njengoba kusaphenywa.

Iziphathimandla zibonane nabafundi kanye nabaphathi besikole izolo.

Omunye wothisha usolwa ngokubiza abafundi bebala elimnyama ngezinkawu kanti omunye usolwa ngokushaya umfundi ngonyaka ophelile.

OLUNYE UDABA:'Eyokucwasa ngokwebala ayingaliwa ngokunye ukucwasa'

Isigameko esaqoshwa ngekhamera, sesidluliselwe eMnyangweni njengobufakazi.

Abafundi ababebhikisha ngoLwesihlanu bamisa ukufunda.

"Esikushoyo thina njengabafundi wukuthi sesilinde unyaka wonke. Sifuna ushintsho manje futhi angeke baqhubeke nezifundo kuze kube wukuthi izidingo zethu ziyabhekelelwa," kusho umfundi obedinwe egane unwabu.

Khonamanjalo, owezeMfundo uMuzi Mahlambi uthe umnyango uphenya ubuqotho be-video kanye nezinkulumo eziqoshiwe.Uthe banethemba lokuba ukufunda kuzoqhubeka namuhla.

"Siphenya izinsolo zokucwasa ngokwebala okuphakanyiswe ngabafundi esikoleni, kodwa okusemqoka wukuthi njengoba sesenze njalo, sifuna ukuba ufunda nokufundisa kuqhubeke," usho njalo.

- Newswatch

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.