Kumiswe uDe Lille noJP Smith kulandela umhlangano

2017-10-03 14:00

Cape Town - Kumiswe iMeya yaseKapa, uPatricia De Lille kanye nelungu lekomidi lezokuphepha, uJP Smith ekubeni yingxenye yakho konke okuqhubeka eqenjini lezepolitiki, iDemocratic Alliance.

UDe Lille noSmith babizelwe umhlangano ngumholi we-DA uMmusi Maimane ngoMsombuluko ebusuku.

Ubudlelwano balaba bobabili kubikwa ukuthi abubuhle neze kanti njengamanje isimo sesedlulele.

OLUNYE UDABA:Wesulile uDe Lille njengomholi weDA eWestern Cape

Lokhu kulandela ukuthi uDe Lille ekhwele wadilika kuSmith ngoMsombuluko esitatimendeni abesikhiphele abezindaba eveza ukuthi uSmith uthunaza igama lakhe ngezinsolo azenza ngokuvalwa kophiko olulwisana nobugebengu.

I-DA ithi ukumisa laba bobabili kuchaza ukuthi akekho noyedwa kubona ozohambela imicimbi nemihlangano yeqembu.

Lezi zikhulu zombili zidonswe ngezindlebe ukuba zingakhulumi nabezindaba.

Ubudlelwano bazo nokuphawula kwazo emphakathini kuyaphenywa.

Lokhu kumenyezelwe yilowo okhulumela iqembu uPhumzile Van Damme.

 - TWITTER:

 - EWN

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.