Kumiswe ukuqoshwa kweRhythm City kushona umlingisi

2017-08-03 16:01

Cape Town – Ukuqoshwa komdlalo owuchungechunge wakuleli odlala ku-e.tv, iRhythm City, kuye kwamiswa okwesikhashana, kulandela ukushona isigubhukane komlingisi uDumi Masilela.

Lo mlingisi ushone esigamekweni sokuzama ukuduna ngoLwesithathu ebusuku.

Lo mlingisi waqala ukubonakala kulo mdlalo edlala indawo yengane ehlala emgwaqeni, uSifiso Ngema, ngoJanuwari 2013.

OLUNYE UDABA: EZINGENA MANJE: Sekushone umlingisi weRhythm City kwesokuduna

IThe Juice ithole ukuthi njengoba abadidiyeli kanye nabalingisi balo mdlalo besashaqekile, kulandela ukuvela kwalezi zindaba, angeke uze uqoshwe lo mdlalo ngoLwesine nangoLwesihlanu. Ukuqoshwa kwalo mdlalo kuzoqhubeka ngoMsombuluko.

Inkampani edidiyela lo mdlalo, iQuizzical Pictures, ibisanda kugubha iminyaka eyishumi kwasungulwa lo mdlalo ngendumezulu yephathi emasontweni amabili edlule njengoba manje usuyalila.

U-e.tv ukuqinisekisile ukuthi ukuqoshwa kwe-Rhythm City kumisiswe ngoLwesine nangoLwesihlanu. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.