Kumuncu phakathi kukaBonang no-AKA -Umbiko

2016-08-01 19:01

Johannesburg - Amahlebezi athi sekubohlile obekubila phakathi kuka-AKA nesithandwa sakhe uBonang, kubika iDaily Sun.

Imithombo ethembekile itshele abeDaily Sun ukuthi lezi zithandani azisathelelani amanzi.

Kuthiwa kuqubuke isikhwele kuBonang isoka lakhe lithatha isithombe noMinnie Dlamini kanye noFikile Mbalula emcimbini we-ANC.

OLUNYE UDABA:Bafuna athweswe elokubulala umlingisi weGenerations

UBonang ucikekile ebona isoka ligamanxene noMinnie kanti wayelitshelile ukuthi lingasondelani naye ngoba bayizimbangi.

“Le ngxabano yaqala ngoLwesithathu kanti bobabili osaziwayo bavele basusa zonke izithombe zabo bebobabili ezinkundleni zokuxhumana,” kusho umthombo.

Kuthiwa bazama ukuxazulula le nkinga ngoLwesihlanu njengoba u-AKA esesele nesithombe esisodwa sabo bebobabili.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.