Kunconywa izinga lomsebenzi eGandhi

2017-08-13 15:31

Durban - Kubikwa ukuthi senza kangcono kakhulu kunakuqala isibhedlela sikahulumeni, iMahatma Gandhi, esisenyakatho yeTheku.

Lokhu kuvele ngemuva kokuba uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo, evakashele kulesi sibhedlela ngoLwesihlanu ekuseni.

Ukuvakashela kwakhe khona kuhambisana nohlelo lwakhe lokuvakashela ezikhungweni zikahulumeni esifundazweni ngenhloso yokuhlola ukuhamba komsebenzi nokuhlangana nabathinyekayo (stakeholders), okuhlanganisa kubona neziguli.

OLUNYE UDABA:Dhlomo: Siyazama ukuyilungisa eyoMnyango e-KZN

Ngokwesitatimende sabezindaba esikhishwe wumnyango, okuhlabe ungqongqoshe umxhwele wukuthi ngesikhathi efika ohlangothini lwesibhedlela okhukhishwa kulona imithi, ngokugamanxa kwehora leshumi-10:30, uthole ukuthi sekukhishelwa isiguli ebesingunombolo-130 imithi yaso, okusho ukuthi akukho ukugqoza isikhathi eside kolayini.

Okunye futhi okubikwa ukuthi kumhlabe umxhwele uDkt Dhlomo wukwehla kakhulu kwesibalo sonina bezingane abashona nganoma yiyiphi indlela eyamene nokukhulelwa - abasuke bezithwele noma ngemuva kwezinsuku ezingu-42 bebelethile noma kokuqedwa kokukhulelwa (termination of pregnancy).

UDkt Dhlomo uthe kuyathokozisa ukuthi isibalo silokhu siqhubeke njalo nokwehla.

Uthi banethemba lokuthi kuzogcina kungekho muntu oshonayo ngoba izigameko eziningi zokushona kwao ziyagwemeka uma bethola ukusizwa nokunakekelwa okufanele ngesikhathi bezithwele, bebeletha nangemuva kokubeletha.

 - ILANGA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.