Kunezinsolo zokuthi belinqaba ukwaliwa isoka elisolwa ngokubulala intombi

2018-05-02 17:59

Isitshudeni saseMangosuthu University of Technology (MUT) sidutshulwe sashona phambi kwesinye ebesihlala naso endlini, kanti kulesi sigameko kusolwa obeyisoka laso.

Inyuvesi ikhiphe isitatimende ngoLwesithathu yazwakalisa ukudumala ngokudlula emhlabeni kukaZolile Khumalo, 21.

Isigungu esimele abafundi ophikweni oluseThekwini sithe lo wesifazane ubulawe ngoLwesibili ebusuku.

Kukholakala ukuthi isisulu bese kuphele amasonto amabili sizama ukuhlukana nomsolwa.

UMengameli we-MUT SRC, uSandile Dlamini, uthe umsolwa wake wafunda kulesi sikhungo semfundo ephakeme. Uveze ukuthi umsolwa ungene endaweni okuhlala kuyo abafundi eLonsdale, enkabeni yeTheku, ngegama likamngani wakhe.

OLUNYE UDABA: Kusolwa isoka ngowesifazane ogwazwe amanxeba angu-9

“Kusolakala ukuthi umufi ubezama ukuhlukana nomsolwa, kepha umsolwa engafuni nokuyizwa leyo. Sitshelwe ukuthi umufi bese kuphele amasonto amabili ebalekela umsolwa."

UDlamini uthe umsolwa ube esecela umngani ukuba angqongqoze emnyango walo wesifazane azenze umuntu ozocela ijakhethi.

"Kuthe uma evula, umsolwa wagulukudela phakathi base beyaqala bayaxabana. Kwaphetha ngokuthi amdubule."

UKhumalo ubenza unyaka wokuqala ezifundweni zeQuantity Surveying eMangosuthu.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uLieutenant Colonel Thulani Zwane, usiqinisekisile lesi sigameko wathi umsolwa, 23, uboshiwe.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.