'Kungakufaka enkingeni ukubhala ngezivimbamgwaqo kwezokuxhumana'

2017-12-21 07:16

Durban - Kuxwayiswa abantu abasebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuba bahlukane nokubhala imininingwane yamaphoyisa eyimfihlo - okubalwa kuyo izivimbamgwaqo, uma kungenjalo babhekane nengalo yomthetho.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane, uthe ukubhala imininingwane yamaphoyisa ezinkundleni zokuxhumana kuvimbela amaphoyisa ekutheni angakwazi ukusebenza kahle, kunalokho kusiza izigebengu ukuthi zikwazi ukubalekela ukuboshwa.

Akuhambisani nomthetho lokho, esho, wathi labo abatholakala bekwenza lokhu bazoboshwa.

OLUNYE UDABA:Ushayise imoto yamaphoyisa obezama ukubalekela isivimbamgwaqo

Lokhu kuza ngemuva kokuba indoda yaseThekiwni isolwa ngokuputshuza imininingwane ngesivimbamgwaqo samaphoyisa omgwaqo ku-WhatsApps kamuva.

Le ndoda ingase ibhekane necala lokuphambana nengalo yomthetho.

Okhulumela amaphoyiosa kamasipala uSenior Superintendent Parboo Sewpersad, uthe udaba lusaphenywa.

"Asikwazi ukudalula imininingwane ezophazamisa uphenyo. Lolu daba lubucayi futhi sifuna ukuluphenyisisa ngaphambi kokuba kuthathwe izinyathelo," esho.

Uma uphenyo seluphothuliwe, kuzovulwa idokodo, umsolwa avele enkantolo, ephetha.

 - Post

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.