Kungase kucace namhlanje ngekusasa likaVilla - Umbiko

2016-07-07 12:32

Johannesburg - Udaba olusematheni lo mdlali weBidvest Wits, uSibusiso “Villa” Vilakazi, lokuthi angase ajoyine iMamelodi Sundowns lungase luphothulwe namhlanje.

Ngokombiko weSunSport, nakuba phambilini iWits neMamelodi Sundowns bebephike konke okukhulunywa ngalo mdlali, imithombo isidalule ukuthi izolo ebusuku bekulindeleke lamaqembu abenomhlangano.

Kuthiwa kulo mhlangano bekulindeleke ukuba kukhulunywe ngesivumelwano sokuba uVilla ajoyine iDowns.

Funda nalolu daba: 'UDoc kumele ayozihlola kwamanye amaqembu'

Kodwa isikhulu esiphezulu seWits, Jose Ferreria, izolo sitshele iSunSport ukuthi asifuni ukukhuluma ngodaba lukaVilla.

Wathi usangumdlali wabo kanti uzokwenza isimemezelo uma kukhona okushintshayo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.