Kungase kuphazamise imali kofunwa yiChiefs - Umbiko

2016-12-12 10:01

Cape Town – Sekuvele imibiko ethi iKaizer Chiefs ifuna umdlali ongowokudabuka kuleli kodwa ogijima kwi-Ajax Amsterdam, uThulani Serero, njengoba kuzovuleka iwindi lokuthenga nokudayiswa kwabadlali ngoJanuwari.

Lesi sikhwishikhwishi somdlali ogijima esiswini sishiyeke ngaphandle esikwatini seqembu kunyaka ka-2016/17, futhi akakaze adlale nomdlalo owodwa eqenjini elikhulu kwi-Amsterdam.

Kubikwa ukuthi lo mdlali ufuna ukushiya kuleli qembu ngokuqala kwesizini ezayo. Kodwa-ke kubukeka sengathi iholo lakhe eliphezulu yilona elingase liphazamise ukuthi kube nesivumelwano.

OLUNYE UDABA: UKhune akaneme ngokungadlali ngenxa yokulimala

Ngokombiko wephephandaba iLANGA, amaGlamour Boys afuna ukuboleka lo mdlali weBafana Bafana izinyanga eziyisithupha ngoJanuwari.

“UKaizer Motaung usebazwile abalandeli futhi ufuna ukuboleka uSerero kwi-Ajax,” kusho umthombo waleli phephandaba.

“Kunamaqembu amaningi ase-Europe amfunayo, kodwa iChiefs ifuna ukuthi abuyele ekhaya bese ethatha ikhefu ngaphambi kokuthi ashiye ekupheleni kwesizini.”

Ngaphambilini lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala useke wayamaniswa neqembu eligijima kwi-French Ligue 1, iBordeaux, kanye neqembu eligijima kwi-English Championship, iReading, yize noma kungekho sivumelwano esesenziwe. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.