Kungase kuphele isonto isinomgadli omusha iChiefs

2017-08-02 16:01

Johannesburg - Kubikwa ukuthi iKaizer Chiefs izosithatha kuleli sonto isinqumo ngomgadli wase-Argentine uJonathan Javier Philippe ngemuva kokuhlolwa isimo sakhe sempilo.

UPhilippe ubelokhu ezilolonga neChiefs kusukela ngeledlule kanti ukuqhubeka kwakhe nokuzilolonga kukhomba ukuthi kukhona lezi zinkunzi zaseSoweto ezikubonayo kuyena.

IKikcOff.com ibika ukuthi kuzoba nemihlangano kusukela namhlanje ukudingida ngodaba lukaPhilippe, kanti isinqumo silindeleke lingakapheli isonto.

OLUNYE UDABA: Usesulile umqeqeshi wePirates

Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala kulindeleke adlale ngoMgqibelo uma leli qembu selibhekene neChippa kowobungani e-East London.

Kuthiwa lo mdlali usevumelene naleli qembu laseNaturena ngezinto ezithile kanti sekusele ukuba kusayinwe, uma iqembu linquma ukumthatha. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.