"Kungathi ngiyasangana": Umama othunjelwe ingane

2016-07-20 08:32

Durban - Umama waKwaMaphumulo owathunjelwa ingane yakhe enamasonto amabili izelwe edolobheni laseThekwini ngesonto eledlule uthi lezi zinsuku ezimbalwa ezedlule kungathi usephusheni elibi.

UBonisiwe Ngubane uthi kwafika owesifazane esibhedlela iMahatma Ghandi ojwayele ukumvakashela kwathi ngemuva kokubeletha wathi uzobahambisa ekhaya uma esephumile esibhedlela.

OLUNYE UDABA: Usosizini umndeni othunjelwe ingane, 4, eyi-albino

UNgubane uthe lo wesifazane wamcela ukumuthuma i-airtime wathi uzoyiphatha ingane ngalesi sikhathi esaye esitolo.

"Ngesikhathi sengibuya lo wesifazane wayengasabonwa nendodakazi yami. 

"Ngavele ngahayiza ngifuna usizo ngithwele izandla ekhanda. Ngase ngibona ukuthi ukukhala angeke kungisize ngalutho ngaya esiteshini samaphoyisa ngiyofuna usizo.

"Izinsuku azifani kwesinye isikhathi kuvekle kube sengathi ngiyahlanya, angikwazi nokulala ebusuku. Ngikhala njalo nokudla akwehli uma ngicabanga ngendodakazi yami. Nginethemba ngoba amaphoyia aqinisekise ukuthi ayifuna ubusuku nemini indodakazi yami," usho njalo.

Amaphoyisa asazama ukuthola umsolwa nengane, kubika iNewswatch.


“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.