Kungenelele uZuma ecaleni lentombazane eyadlwengulwa

2016-11-23 10:15

Cape Town - Sekungenelele uMengameli Jacob Zuma odabeni lwentombazane, 13, eyadlwengulwa amadoda ayishumi ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abasebenzi bakahulumeni bathathelwa izinyathelo ngokuhluleka ukululeka ngokwengqondo le ntombazane.

Okhulumela iHhovisi likaMengameli uBongani Ngqulunga uthe uZuma washaqeka ngesikhathi ezwa ngalesi sehlakalo.

OLUNYE UDABA: Bayavela abasolwa ngokudlwengula intombazane, 13 beyivalele emjondolo

Le ntombazane yathunjwa ikhonjwe ngesibhamu ngowesilisa ongaziwa ngezithuba zabo-20:00 ebusuku ngomhlaka-11 Novemba.

Yabe isidlwengulwa ngamadoda angu-10 eshintshisana ngayo, konke lokhu bekwenzela emijondolo emithathu eyehlukene.

Umndeni wale ntombazane uthe selokhu kwenzeka lesi sehlakalo amaphoyisa naboMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi bebengakayiluleki ngokwengqondo.

"UZuma uyalele ongqongqoshe; owamaphoyisa, owokuthuthukiswa komphakathi, abesifazane nezempilo ukuba bahlale phezulu kwalolu daba," kusho uNgqulunga.

UNgqulunga uqhube ngokuthi ihhovisi likamengameli lithinte uMnyango wamaPhoyisa ukuba ubheke ukuba uphenyo seluhambe kangakanani kanti futhi uzoqhubeka nokululandela lolu daba. 

Umkhankaso we-16 Days of Activism for No Violence Against Women and Children uqala ngomhlaka-25 Novembva kanti sekungokwesibili lapho amaphoyisa nabasebenzi bakahulumeni behluleka ukusukumela icala lokudlwengulwa kwentombazane yaselokishini.

- Cape Times

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.