Kungeniswe esibhedlela abafundi ababili abadle ama-'space muffin' esikoleni

2018-03-12 18:01

Durban - Kuphuthunyiswe abafundi ababili besikole iBrindhaven Secondary esibhedlela ngesonto eledlule ngemuva kokuquleka kulandela ukudla amakhekhe athakwe ngesidakamizwa, kubika iRising Sun Chatsworth.

Ngokusho kwabosizo lokuqala uSivan Subramodey we-Amawele Emergency Services noDenver Moodley weLife Response 24, ngesikhathi befika endaweni yesigameko, omunye wabafundi ubequlekile omunye enyakaza kodwa "esadakiwe".

OLUNYE UDABA:Ucishe washona odle ama-space muffin

Uthishanhloko wesikole uD.S. Pillay, uqinisekise ukuthi kulashwa amantombazane amabili enza u-Grade 10 ngemuva kwezinsolo zokugula esikoleni ngesikhathi edle amakhekhe athakwe ngezidakamizwa.

"La makhekhe afike nenye intombazane esikoleni yawadayisela la mantombazane amabili avele agula. Asisebenzisani nesigungu esimelene nezidakamizwa ukuxazulula le nkinga.

"Inqubo yokuqondiswa kwezigwegwe kulolu daba sekuhleliwe," usho njalo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.