Kungenwa mahhala emcimbini ozobe ubophele ngoKhuli Chana nabanye eThekwini

2018-02-23 09:35

Umrepha wakuleli uKhuli Chana uzozungeza izwekazi lase-Afrika nabanye abaculi njengoba eseqokwe njengenxusa le nkampani ekhiqiza ugologo.

Lo mrepha uqokwe njengenxusa le-Absolut ngogologo obizwa nge-One Source Live.

Ukwethulwa kwakhe njengenxusa kubalandeli kuzokwenziwa ngohlelo lwemicimbi ezobanjelwa eThekwini naseGoli.

Inhloso-ngqangi yale micimbi wukukhuthaza abantu bakwamanye amazwa ukuba babuke izwekazi lase-Afrika njengezwe elinomcebo omkhulu futhi kuningi abantu abangakuzuza kulo esikhundleni sokuyibuka njengendawo eyentulayo.

OLUNYE UDABA: Umlingisi waphesheya uzodlala indawo kamama kaTrevor Noah

Lo mrepha uzobe ehambisana nabanye aqokwe nabo okubalwa uSho Madjozi,Trevor Stuurman (ongumthwebuli wezemfashini) Fabrice Monteiro kanye no-Osborne Macharia ongumthwebuli wase-Kenya.Le mcimbi ezokwenziwa kulindeleke ukuthi ihehe amaciko kanye nabathandi bemfashini iAfrica yonkana.

Kungxengxwa nabantu ukuthi babe yingxenye yalomkhankaso ukushintsha indlela abantu ababuka ngayo izwe laseAfrica, izithombe ezifakwa ezinkundleni zokuxhumana, kube izithombe eziveza ubuhle be-Africa zingavezi inhlupheko kuphela.

Umcimbi wokuqala walomzungezo kanye nomkhankaso uzobanjelwa eThekwini e-Twenty5 eMorningside namuhla (ngoLwesihlanu) kusasa ngo-9 ebusuku, akukhishwa ngisho indibilishi emnyango njengoba kuzobe kungenwa mahhala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.