Kungenzeka ukuthi kunesandla sesithathu ngababulawa e-KZN - ANC

2017-09-07 18:00

Durban – I-African National Congress KwaZulu-Natal ithi izigameko zokubulawa kosopolitiki akusho ukuthi kunempi ekhona ngaphakathi enhlanganweni, yananela ngokuthi kungenzeka ukuthi kukhona isandla sesithathu.

UNobhala Jikelele we-ANC KwaZulu-Natal uSuper Zuma wenze lesi sitatimende ngesikhathi kunesithangami sabezindaba ngoLwesine eThekwini, wagcizelela ngokuthi uKhongolose esifundazweni ubumbene.

UZuma ufanise lezi zigameko zokubulawa kosopolitiki kanye nokuchitheka kwegazi okwenzeka esifundazweni ngeminyaka yawo-1980 lapho okwabulalana khona amalungu eNkatha Freedom Party nawe-ANC.

"Sibona ukuthi kukhona okujulile okumele sibhekane nakho. Nangeminyaka yawo-1980 sasicabanga ukuthi kubulalana abantu abamnyama nje, sonke sabheka lokho.”

Uthi kunesifundo abasithola ngendlela okwabhekanwa ngayo nodlame ngalesiya sikhathi.

"Kwathi ngokuhamba kwesikhathi sathola ukuthi kwakuwuthuthuva olwaluphehlwa abanye abantu besetshenziswa wuhulumeni wobandlululo. Ukubuka indlela izinto ezazenzeka ngayo ngalesiya sikhathi, okwethu manje ukuthi sisabalale ngomqondo singabheki nje kuphela endaweni eyodwa.”

Unezezele ngokuthi lokhu kubulawa kosopolitiki kwenzeka ngendlela efanayo.

“Akulona udlame lolu kepha abantu bayacoboshiswa. Babulawa ngabantu abayaziyo into abayenzayo.”

Thola udaba oluphelele lapha.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.