Kungenzeka ukuthi umuntu wakho uyakujolela uma eneyodwa yala-app efonini

2017-07-31 12:31

Johannesburg – Kuyanda ukujolelana kubantu abasebudlelwaneni bezothando ngemuva kokufika kwe-internet, njengoba kunenqwaba yama-websites enza ukuthi ube lula kakhulu umsebenzi womuntu ojolela omunye.

Uhlelo lwe-internet oluhlanganisa abantu abathandanayo, i-Ashley Madison, nolubhekelele kakhulu abantu abashadile noma labo abasebudlelwaneni obuqinile, lusanda kubhekana nenkinga ngemuva kokuputshuka kwama-account abantu abalusebenzisayo nokwasusa omkhulu umsindo kwi-internet.

OLUNYE UDABA: Ziyawushaya kunkosikazi kaKansas

Kodwa-ke ama-application (app) ahlukene asetshenziswa kuma-smartphone  asiza labo abajolela omaqondana babo ukuthi bakwazi ukubabhangqa ngaphandle kokuthi kuze kubonakale ukuthi kukhona okwenzekayo.

Uma ngabe umuntu wakho enenye yalama-app efonini yakhe kungezeka ukuthi ukubhanqile:

  • Tinder – Akubuzwa ukuthi uma ngabe umuntu wakho enale-app efonini yakhe usuke ekujolela noma efuna ukukujolela. Le website engaconsi phansi yabantu abajolayo ephinde ihlanganise izithandani, ivumela labo abayisebenzisayo ukuthi bacindezele kwesokudla noma kwesobunxele ukukhombisa ukuthi banentshisekelo yini ngomunye umuntu oyisebenzisayo.

  • Ashley Madison – Yize noma kusanda kuputshuka ulwazi lwalabo abayisebenzisayo, le-app iyathokala ku-Google Play store kanye ne-Apple App Store. Ngaphambilini i-Ashley Madison yathatha izinyathelo zezokuphepha.

  • OkCupid – Ukuba khona kwale app efonini yomuntu kusho into eyodwa. Ayisetshiswa kangako eNingizimu Afrika uma ngabe kuqhathaniswa nakwamanye amazwe. Lokhu kwaqala kuyi-website kodwa ekuhambeni kwesikhathi kwagcina sekuyi-app ongakwazi ukuzitholela (download) yona efonini yakho.

  • Pure – Le app iyashayisana ngokuphelele negama layo; igama layo eliphelele lithi: Pure: Adult Dating Hookup App, nokusho ukuthi ngamanye amazwe kuba nobudlelwano bocansi, kanye nokuhlangana nabantu ‘abanomqondo ovulelekile’. Le app yona ayifuni izinto ezingi ngaphandle nje kwesithombe sakho (selfie) kanti uma uke wasifaka, lowo oyisebenzisayo ube esetshelwa ngabantu abafuna ukuhlangana naye.

  • CoverMe – Le app isetshenziselwa ukubhala imiyalezo kanye nokushaya izingcingo kwangasese. Iyakwazi ukuphinde ikhiyele noma ifihle izithombe efonini ezingavulwa kuphela nge-password.

  • Secret Photo Album – Le app ikwazi ukuthi ifihle izithombe eziyimfihlo zomuntu oyisebenzisayo kanti ayinakekile ngoba ibukeka nje njenge-calculator. Uma uvula lokhu okubukeka njenge-calculator kudingeka ukuthi ufake i-Pin number yakho bese kuvuleka i-albhamu yezithombe. 
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.