Kungqongqiswe izitimela ezimbili eThekwini

2018-02-01 07:01

Durban - Kungqongqiswe izitimela ezimbili zakwaMetrorail eThekwini ngoLwesithathu kanti kusolwa ukuthi zishiswe ngabagibeli abebebhodla umlilo.

Isitimela esisodwa sishiswe esiteshini sezitimela esiseThekwini kanti esinye sishiswe esiteshini sesitimela eBerea ngezithuba zabo-19:00.

EBerea kushiswe amakhoshi amathathu.

OLUNYE UDABA:Kushiswe isitimela ebesibheke KwaMashu

Ayikho imibiko yabalimele kanti abagibeli abebephakathi bakwazile ukuphuma isitimela singakashi kakhulu.

OwakwaMetrorail uThabile Kunene uthe kukholakala ukuthi izitimela zishiswe ngamabomu.

"Izigameko zisazophenywa, okwamanje asikazi ukuthi izitimela zishiswe ngubani kanti eminye imininingwane izovela maduze."

UKunene uthe bakholelwa ekutheni izitimela zishiswe ngenxa yokubambezeleka kulandela izinkinga zikagesi.

Owezicishamlilo eThekwini, uTrevor Stevens, uthe kubenzima ukucacisa imbangela yelangabi.

"Kungenzeka ukuthi yinkinga kagesi, kodwa asikwazi ukwenza izinsolo zokuthi izitimela zishiswe ngamabomu njengoba besekuthule ngesikhathi sifika."

Uthe kubathathe imizuzu engu-15 ukucima umlilo nakuba bekunzima ukungena ngaphakathi esiteshini.


 -  Mercury

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.