Kunxuswa abathandi bebhola ukuba basheshe bafike enkundleni

2016-07-29 19:00

Soweto - Amaphoyisa omgwaqo eGoli anxusa abalandeli bebhola abazohambela umdlalo we-Orlando Pirates kanye neKaizer Chiefs ukuba basheshe bafike enkundleni.

Ngokusho kukaChief Superintendent Wayne Minnaar umgwaqo omkhulu iSoweto Highway izovalwa ngoMgqibelo phakathi kuka-7 ekuseni kanye no-8 ebusuku.

“Sinxusa bonke abalandeli bebhola ukuba basebenzise izinsiza zomphakathi njengamabhasi, izitimela kanye namatekisi noma bathole amathikithi okupaka izimoto zabo ngosizo lwe-Computicket,” kusho yena.

Amakhosi azobe ebhekene nezikamagebhula kumdlalo we-Carling Black Label Champion Cup enkundleni enkulu kunazo zonke kuleli. Adayiswa aphela amathikithi kanti abahleli balo mdlalo bathi izobe igcwele iphuphuma le nkundla, kubika iSowetan.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.