Kunxuswa izakhamuzi zaseThekwini ukuba zihlale emakhaya

2017-10-10 11:53

Durban - UMasipala weTheku usunxuse izakhamuzi zaseThekwini namaphethelo ukuba zihlale emakhaya kuze kube isiphepho esikhona njengamanje siyadlula.

Izakhamuzi ziphinde zanxuswa futhi ukuba zingashayeli noma zithathe uhambo njengoba izulu lingelihle nje.

Umoya uvunguza ngo-70km/h kanti lokho kusho ukuthi kuyingozi kakhulu ukuphumela ngaphandle.

Lesi simo sezulu esingesihle siholele ekutheni ivalwe yonke imigwaqo eseningizimu yeTheku.

"Kuyacelwa ukuba abantu babe nesineke ngenxa yokuthi iDisaster Management Call Centre ithola izingcingo eziningi abantu bezama ukuthola usizo," kusho okhulumela umasipala uTozi Mthethwa ngesitatimende.

Abahlangabezana nenkinga bangashayela iDisaster Management Call Centre kwethi 031 361 0000.

Abantu bababele ezinkundleni zokuxhumana befaka izithombe zomonakalo osudalwe yilesi siphepho.

IZITHOMBE:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.