Kunxuswa uBheki Cele ukuba ayibeke eqhulwini eyokuphepha kwamaphoyisa

2018-02-27 18:00

Ngcobo - Izinhlangano ezimele amaphoyisa sezinxuse uNgqongqoshe wamaPhoyisa omusha kuzwelonke osanda kuqokwa, uBheki Cele, ukuba akubeke eqhulwini ukuvikeleka kwamaphoyisa.

UCele uhambele inkonzo yesikhumbuzo yamaphoyisa ayisihlanu abulawa ngesikhathi ehlaselwa yizigebengu eNgcobo, e-Eastern Cape ngesonto eledlule.

Izikhulu embuthweni iSouth African Police Service zijoyine izakhamuzi zaseNgcobo kule nkonzo yesikhumbuzo ebigcwele umunyu.

Amalungu emindeni yamaphoyisa angasekho abehlezi ezihlalweni eziphambili eNgcobo Methodist Church ngoLwesibili ntambama, lapho bekuqhubeka khona le nkonzo.

OLUNYE UDABA: Usephuthume eNgcobo uNgqongqoshe wamaPhoyisa omusha

Izikhulumi eziningi ezigibele esiteji zigxeke isihluku esisetshenzisiwe kulesi sigameko kanjalo nendlela amaphoyisa asenegama elibi ngayo emphakathini.

Isekela likamengameli weSouth African Policing Union, uTumelo Mogodiseng, uthe ukufakwa kukaCele kulo Mnyango kumele kuhambisane nokuqiniswa kwezokuphepha emaphoyiseni.

Ikomidi lamaphoyisa ePhalamende lithi sekubikwe okungenani izigameko eziyisithupha kwezinye iziteshi zamaphoyisa kule minyaka emibili eyedlule.

Khonamanjalo, umsolwa wesihlanu kulolu daba lwaseNgcobo uvele enkantolo ngoLwesibili ekuseni.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.