Kunxuswa umkhuleko ngomdlali we-PSL oshaywe wumphezulu

2018-03-06 11:01

Cape Town - Umgadli osemncane weMaritzburg United, uLuyanda Ntshangase, uphefumula ngemishini esibhedlela kulandela ukushaywa wumbani ekade ezilolonga nekilabhu ngesonto eledlule.

Lo mdlali, 21, kuthiwa ubedlala umdlalo wokuzilolonga ngesikhathi ehlelwa yilesi sigameko ngoLwesihlanu, wabe esephuthunyiswa esibhedlela.

Yize singakaziwa isimo sakhe sempilo sakamuva, imenenja yeTeam of Choice, uQuintin Jettoo, unxuse abantu baseNingizimu Afrika abangabathandi bebhola ukuba babeke uNtshangase emkhulekweni.

OLUNYE UDABA: Kwembulwa kwembeswa kumdlali weMaritzburg United owashaywa yizulu

Ekhuluma neSoccer Laduma, uthe: "Siyethemba ukuthi wonke umkhakha webhola likanobhutshuzayo uzombeka emkhulekweni lo mdlali kulesi sikhathi esinzima.

"ULuyanda usasesibhedlela, kanti imininingwane ethe xaxa ngesimo sakhe sezempilo siyozithola kahle ngokuhamba kwesonto. Siyethemba ukuthi uzolulama, futhi siyazi ukuthi usemicabangweni yabathandi bebhola bakuleli."

Lo mdlali kubikwa ukuthi ushe kabi esifubeni ngemuva kokushaywa yizulu.

Kulesi sigameko kulimale nabanye abadlali abathathu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.