‘Kunyanye’ i-ANC abeSABC beduba ePhalamende

2016-12-08 10:00

Cape Town – USotswebhu we-ANC, uJackson Mthembu, usechaze isenzo sethimba leSABC sokuduba ePhalamende lihambe ngesikhathi kuqhubeka isithangami esiphenya ngokuthi ibhodi layo (iSABC) liwulungele yini umsebenzi, njengento “enyanyisayo”.

Ikomiti lasePhalamende eliphenya ngokuthi ibhodi leSABC lisawufanele yini umsebenzi lihlangane okukuqala ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: Abalingisi badinwe bayaveva ngesinqumo se-SABC

Ilungu laleli bhodi osekuyilona kuphela elisasele, uMbulaheni Maguvhe, uye wafaka isicelo ngomzuzu wokugcina eNkantolo enkulu yaseWestern Cape. nalapho ebephonsela inselelo isinqumo sokuchithwa kwesicelo sakhe sokuthi avimbele lolu phenyo.

NgoLwesithathu, uye wakhononda kuleli komiti ngokuthi amaphepha amathathu abezobhekisiswa yikomiti abengabhaliwe ngeBraille, njengoba enenkinga yokubona.

Ithimba leSABC, okuhlanganisa ne-CEO yayo, uJames Aguma kanye noHlaudi Motsoeneng, bavele baphuma bahamba.

NgoLwesithathu, uMthembu uthe lena bekungeminye imizamo yale nhlangano yezokusakaza yokubambezela ikomiti.

Uthi iHhovisi likaSotswebhu lithuke kabi futhi likhathazekile ngesenzo “sokungahloniphi” kanye nokuziphatha kwethimba leSABC.

UMFANEKISO:

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.