Kunzima ukungasebenzi ngoba uvele ube into ethathelwa phansi

2016-08-12 14:32

Durban - Yize imindeni ingafani, ilingi lethu lingavuma ukuthi bathwele kanzima abantu abahlala emakhaya bengasebenzi uma kubhekwa izimo ezifana nezinto ezenziwayo.

Kuthi kunomsebenzi noma kulungiselelwa umsebenzi noma umcimbi wakhaya, kuvele kube sengathi umhlaba ungavuleka ungene. Kuzoboya zonke izichwensi zakini zizokudelela.

Uthi ubeka umbono noma iphuzu elibalulekile, bavele bathi “siyakuzwa bhuti, manje imali yokwenza lokho izovela kuphi?”

Kuhlupha kakhulu uma kunomzali obhebhethekisa ukungahloniphani, uthi uyakhuza emndenini ngoba yize ungasebenzi kodwa uyawubona umhlola, kuvele kuthiwa useqalile lo.

Singakukhuthaza kanjani ukuhloniphana emakhaya?

Nansi imibono yabanye babafundi bethu.

Zamani Mathenjwa Ukungasebenzi akukwenzi into engenamsebenzi indlela oziphatha ngayo iyona ekwenza into engethathelwa ekhanda mina angisebenzi kodwa ekhaya ngihlonishwa njengabantu abasebenzayo,siyahloniphana nje.

Ncane Maphumulo Kukhona abantu abangasebenzi ongathembela kubona ngokweqiniso, abahlakaniphile oze ufise ukuthi uyena osebenzayo bese kuba kunemibhedo nje esebenzayo oze ufise ukuthi ngabe kungcono unika laba abangasebenzi ,ya nomuntu ongasebenzi angaphawula nje kuzwakale

Msihlez Sihle Ntusi Kuliqiniso elibi nokho ngisho kungabe uqhamuka nephuzu elisixazululo awunakwa nje isikakhulu mekushone ubaba kwasala mama namadodakazi esebenzayo wena ungasebenzi uphenduka inkukhu enethiwe igcine sucishe waphosithawula.

Buhlebezulu Gumede Ikakhulukazi uma iphuzu lithinta imali futhi kumele inhlanganisela, babuze kuwena uqobo ukuthi imalini obona ukuthi ayifakwe lapho awunalutho kodwa unomubono muhle besekuthiwa uzogada imoto yenkomo, nethende.

Sodumase Mthokoh Gagah Makunomsebenzi kuthiwa uwena obheke abantu abaphuza isizulu, uma sesiphelile kumele uyogcwalisa ukhamba emphongolweni mcm,

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.