Kuphazamiseke ukufunda esikoleni esise-PMB kunombhikisho

2017-02-13 14:31

Durban - Bavuke umbhejezane abazali bezingane zesikole esiseSweetwaters, eMgungundlovu, iMbubu Combine School njengoba bekhala ngesimo sesikole esingagculisi.

Ngokwelungu lomphakathi elipotshozele abeZindaba24, abazali bavale umgwaqo ngamathayi avuthayo babhikisha phambi kwesikole ekuseni ngoMsombuluko kwathi ngokuhamba kwesikhathi bangena ngaphakathi njengoba kubukeka sengathi kunomhlangano oqhubekayo.

Leli lungu elingafunanga kudalulwe igama lalo lithe likhathazekile ngezingane zesikole eseziwuvanzi, ufisa sengathi omalume bengaphuthuma bezozilanda bazihambise emakhaya zingaze zilimale.

Okunye okudalulwe yileli lungu lomphakathi wukuthi izingane azisadli esikoleni njengoba kwamiswa kanti abazali kudalal nbabenza imizamo yokuba lubuye uhlelo lokudla esikoleni kodwa bengaphumeleli.

OLUNYE UDABA: Kubhikishe abafundi befuna kuxoshwe uthishanhloko

Lo mthombo uphinde wathi ngaphambilini kwashiswa ihhovisi lesikole kwasha nezincwadi zokufunda.

Phakathi kwezinye izinto abazali abakhala ngazo; ukungcola kwesikole, ukungasebenzi kwamathoyilethi kanye nokumiswa kohlelo lokudla esikoleni.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele uthe, abazali bakhala ngokuthi isikole esikho esimeni esikahle njengoba namathoyilethi engashayeki.

"Njengamanje kuqhubeka umhlangano phakathi kwamalungu omphakathi, yibhodi elengamele isikole noMhloli oqhamuka kuMnyango wezeMfundo."

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMnz Muzi Mahlambi, akatholakalanga ephawula njengoba ucingo belulokhu lukhale njalo lungabanjwa.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.