Kuphele usuku lonke amaphoyisa ebala u-R22m ugcwele amapotimende

2017-02-17 14:02

Bloemfontein – Amaphoyisa aseBloemfontein achithe usuku lonke ebala imali engamaphepha elinganiselwa ku-R22 million kangakokuthi awazange esaba naso nesikhathi sokubheka ukuthi bangobani abalisa ababili ababanjwe namapotimende angu-4 abegcwele imali esikhumulweni sezindiza esikuleli dolobha, iBram Fischer Airport.

IMantshi, uPaula Berry, izwe eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein ukuthi uMahomed Raeel Baig, 25, waseSherwood kanye noMahomed Hoosen Ismail, 49, wase-Overport, kudingeke ukuba kuqale kuqinisekiswe imininingwane yabo ngaphambi kokuba bakwazi ukufaka isicelo sebheyili, kubika iNetwerk24.

UBaig kanye no-Ismail bavele enkantolo ngoLwesine ngecala lokutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe.

OLUNYE UDABA: Kubanjwe 'umthakathi' enqunu efulethini

Ngokwephepha eliqukethe imininingwane ngamacala ababekwe wona, laba zibakhalele ngoLwesibili ntambama ngemuva kokubhadanywa nala mapotimende agcwele imali.

UVic de Bruyn, woMbuso, uthi kwathatha amaphoyisa usuku lonke ukuthi abale le mali. Kwesinye isikhathi umshini osetshenziswa uma kubalwa imali waphuka nokwenza ukuthi amaphoyisa angakwazi ukubheka amakheli abasolwa, ama-passports kanye namaphepha omazisi.

UDu Bruyn uthi kuyasolisa ukuthi laba balisa bahamba ngemoto besuka eThekwini beya eBloemfontein ukuze babambe indiza ebheke eKapa.

Ngaphezu kwalokho uthi nezizathu abazinikezile zokuthi kungani babephethe imali engaka zishiya imibuzo.

Kuthiwa omunye wabo wathi yimali yefa, ekubeni omunye yena athi yimali ayithole ebhizinisini lakhe lokupheka.

Kuyimanje abasolwa basagcinwe esitokisini kanti kulindeleke ukuthi baphinde bavele eNkantolo ngesonto elizayo ukuze bafake isicelo sebheyili. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.