Kuphenya ezokujikiswa kwamama nengane egulayo emtholampilo

2017-12-28 07:41

Johannesburg - UMnyango wezeMpilo eGauteng uphenya umtholampilo waseDaveyton eKurhuleni kulandela izinsolo zokuthi onesi bajikise umama nengane yakhe eneminyaka engu-3 ubudala ebigula ngempelasonto.

UNontombi Gwam uthi wahambisa indodakazi yakhe emtholampilo ngoMgqibelo kodwa watshelwa ukuthi angeke aluthole usizo njengoba lesi sikhungu singenawo ama-drip.

Indodakazi kaGwama yashonela ebandleni likaMfundisi uPaseka "Mboro" Motsoeneng i-Incredible Happenings ngeSonto ngemuva kokuba eyise khona ukuze izokhulekelwa.

OLUNYE UDABA:UMboro angase avulele abosizo lokuqala icala ngengane eshone esontweni

Esitatimendeni esifundwe yilungu lomndeni, uGwam usola onesi bakulo mtholampilo abamjikisa ngoba bethi awekho ama-drip.

"Onesi bangitshela ukuthi angeke bakwazi ukungisiza ngoba abanawo ama-drip, bathi angihambise ingane esibhedlela."

OwoMnyango wezeMpilo eGauteng uLesemang Matuke uthe bayaphenya.

"Ngingakuqinisekisa ukuthi asikho nesisodwa isiguli okufanele siphindiswe emuva ezikhungweni zethu, akukhathali noma isimo sinjani. Udaba luyaphenywa."

Umndeni wakwaGwam, wesekwa nguMboro, uvulele abosizo lokuqala abafika endaweni yesigameko icala lokubulala ngokungenhloso.

 - Ivideo:

 - EWN

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.