Kuphenywa amaphoyisa 'ngokusebenzisa isihluku' efika ephathini

2017-09-12 07:01

Cape Town - Amaphoyisa aseManenberg aphenyelwa izinsolo zesihluku ephathini khona endaweni.

Lokhu kuza ngemuva kwesigameko esenzeke emasontweni amabili adlule, esashiya inqwaba yabantu belimele ngesikhathi amaphoyisa evulela ngezinhlamvu zenjoloba ephathini.

OLUNYE UDABA:Kubulawe abangu-11 ephathini yengane

Kusolwa ukuthi amaphoyisa abizelwa endaweni yesigameko ngemuva kwesikhalazo somsindo, ngesikhathi abanikazi behluleka ukwehlisa umsindo womculo njengokomyalelo wawo, amaphoyisa avulela ngenganono.

Kwaboshwa abantu abangaphezu kwabangu-40 kulesi sigameko.

Abantu abangu-17 bathweswa icala lokuzama ukubulala, ukucekela phansi impahla nokudala udlame emphakathini.

I-Independent Police Investigative Directorate ithi iyazi ngalesi sigameko kepha ngeke ikwazi ukudalula imininingwane ngoba kusaqhubeka uphenyo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.