Kuphenywa elephoyisa 'eladubula' abesifazane ethaveni

2017-08-08 12:33

Johannesburg - Amaphoyisa ophiko loKlebe i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) aphenya amacala amathathu okuzama ukubulala abhekene nephoyisa okusolwa ukuthi ladubula lalimaza abantu besifazane abathathu ngaphambi kokuzidubula nalo eMdantsane ngeSonto.

UWarrant Ofiicer Thobela Gungutha, 47, kusolwa ukuthi wadubula owayeyintombi yakhe u-Olwethu Mkalipi, 23, wase-NU13; uLwandisa Gxekwa, 31, waseNU3 kanye nesakhamuzi saseNU10 uThumeka Ntithini, endaweni yokucima ukoma eMdantsane ngeSonto ntambama.

Isigameko senzeka endaweni yokucima ukoma iMicano Tavern ese-NU15 kanti kusolwa isikhwele. Kusolwa ukuthi uGungutha wadubula izikhawu ezingu-11.

OLUNYE UDABA: Kuvuke isikhwele intombi ka-Arthur isola ukuthi ujola noChomee

Izisulu zalashwa esibhedlea esiseMdantsane iCecilia Makiwane. UGungutha yena wadluliselwa esibhedlela iFrere lapho alwela khona impilo yakhe.

UGxekwa utshele iDaily Dispatch izolo (ngoMsombuluko), ukuthi ubedansa ngesikhathi edutshulwa emlenzeni, uNtithini yena walimala esiswini kanti omunye ulimale esifubeni.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape uSizwe Kupelo uthe izisulu zithole amanxeba okudutshulwa, zalashwa esibhedlela iCecilia Makiwane. Zontathu izisulu ziphume esibhedlela izolo.

"UGungutha uthole inxeba lokudutshulwa ekhanda wadluliselwa esibhedlela iFrere, usesimeni esibucayi."

UCaptain Nkosikho Mzuku okhulumela amaphoyisa aseMdantsane, uthe kutholwe isibhamu nezinhlamvu ezingu-11 zihlakazeke phansi ngakwizisulu.

UMzuku uthe njengoba amaphoyisa ephenya imbangela yesigameko, uMkalipi uthe isizathu sesigameko isikhwele.

Izolo (ngoMsombuluko) okhulumela i-Ipid uMoses Dlamini uthe: "Impela kunjalo, siphenya icala. Idokodo lidluliselwe kwabe-Ipid, siphenya icala lokuzama ukubulala."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.