Kuphenywa esokushiswa kwemizi ePretoria

2017-02-18 18:59

Johannesburg - Amaphoyisa aseGauteng aphenya icala lokushisa kulandela isisgameko sodlame oluholele ekutheni kushiswe imizi emibili nenqwaba yezimoto ePretoria West.

Kusolwa ukuthi izakhamuzi zivele zavuka umbhejezana zashisa umizi okukholakala ukuthi ziyizidleke zabaqwayizi nezidakamizwa endaweni.

Baphinde bahlasela umuzi wesibili nawo bawushisa besola umnikazi wawo odabuka eNigeria ngokudayisa izidakamizwa.

OLUNYE UDABA:Kushiswe okusolwa ukuthi iyizidleke zezidakamizwa nabaqwayizi

Amaphoyisa asebenzise  ama-stun grenade ukuhlakaza iqulu labantu ebelisongelana ngokubulalana.

Okhulumela amaphoyisa u-Augustine Selepe uthe, " Sithole uucingo lusazisa ngokuthi kunomphakathi osePretoria West oqoqanile ngoba ufuna ukushisa imizi esolwa ngokuba yizideleke zabaqwayizi.

"Kushiswe imizi emibili nenqwaba yezimoto, akuboshwanga muntu kodwa amaphoyisa ayaphenya."

 - SABC

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.