Kuphenywa imbangela yokusha kwebhilidi eThekwini

2017-03-28 18:01

Durban – Imbangela yokusha kwebhilidi lakwaTransnet eRossburgh, eThekwini, isaphenywa, kusho uNgqopngqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho esifundazweni ngoLwesibili.

"Umbiko ogcwele usahlanganiswa, kulo mbiko kuzobalwa ukuhlolwa ingozi yentuthu ebantwini," kusho uNgqongqoshe uSihle Zikalala etshela izintatheli.

Isigameko siphenywa nguhulumeni waKwaZulu-Natal, uMasipala waseThekwini nabakwaTransnet.

OLUNYE UDABA: Kulimale oyedwa kusha ibhilidi eThekwini

Ibhilidi ngelabakwaTransnet kanti baliqashisele inkampani ezimele egcina impahla kulo.

"Lo monakalo uthikameza isimo somnotho esufundazweni nasezweni," kusho uZikalala.

Isikhulu esiphezulu sakwaTransnet uThabo Lebelo sithe kulolu phenyo kuzophinde kubhekwe nokuthi yini ebikuleli bhilidi.

Isikhulu esiphezulu kuMasipala weTheku u-Enock Sithole sitshele iNews24 ukuthi kusetshenziswe amaloli ezicishamlilo abalelwa kwangu-13 nezicishamilo ezingaphezu kwezingu-150 ukubhula ilangabi eliqubuke ngoLwesihlanu.

NgoLwesibili izicishamlilo bezibhula umlilo okokugcina obungaphakathi kuleli bhilidi.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.