Kuphenywa isehlakalo esenzeke eFNB Stadium

2017-07-30 09:32

Johannesburg - Kuyaphenya kulandela isehlakalo esenzeke enkundleni yezemidlalo iFNB, eSoweto, eGoli, okushone kuso abantu ababili kwalimala inqwaba.

Lesi sehlakalo senzeke ngesikhathi kudlala omkhaya i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.

Imbangela yalesi sehlakalo kukholakala ukuthi sidalwe wumuntu obedayisa amathikithi omdlalo noma obesebenzisa amathikithi angekho emthethweni esangweni lakule nkundla yemidlalo.

OLUNYE UDABA: Umphathi wele-PSL ugxeke kabi umdlali 'osayine namaqembu amabili'

UColin Errakiah wezimo eziphuthumayo i-EMS uthe usesibhedlela umuntu olimale kanzima kulesi sehlakalo.

"Kushone abantu ababili, abangu-14 abalimele, oyedwa wabo usesimeni esibucayi kanti abanye bathole imihuzuko."

Khonamanjalo, kudluliswe amazwi enduduzo emndenini elahlekelwe.

IMeya yedolobha iGoli uHerman Mashaba naye uthe alwehlanga lungehli emndenini elahlekelwe, wathi idolobha lizosebenzisana namaphoyisa ukuqinisekisa ukuphenywa kwembangela yesehlakalo.

ICarling Black Label kanjalo nabalandeli bomdlalo kanobhutshuzwayo nabo badlulise awenduduzo emmndenini yalabo abadlulile.

La balandeli babe sebephakamisa umbuzo wesinqumo sokuqhubeka nomdlalo nakuba sekushone abantu.

- TWITTER:

 - EWN

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.