Kuphephuke iMall, amakhaya angu-800 ahlaselwa yizikhukhula eKapa

2017-06-07 14:03

Cape Town – Abalelwa ku-800 amakhaya akhahlanyezwe yizikhukhula ezindaweni ezakhele iCape Town kwaphinde kwatakulwa nenxanxathela yezitolo iCavendish Square, eClaremont, kulandela ukuhlasela kwesiphepho esinamandla nesishiye kumapeketwane ezingxenyeni ezithlile zeWestern Cape, ngoLwesithathu ekuseni.

ICavendish Square ivalwe ngenxa yokugwema umonakalo obungase udaleke, le nxanxathela yezitolo ibeke kanjalo ekhasini layo lakuFacebook. Kukholakala ukuthi kuphephuke uphahla ngenxa yomoya onamandla.

Izakhiwo ezingaphandle kweSomerset Mall, okuyinxanxathela yezitolo eSomerset West, nazo zitakuliwe njengoba izingxenye zophahla zivele zawohloka. Izikhulu zonogada zithi akukho ukulimala okubikiwe.

IDolobha laseKapa lithi izindlu ezingu-97 ezihlala abantu ngokugcwele kanye nezindlu ezingu-700 zesikhashana, ezakhiwa ngemuva kokuqubuka komlilo kamuva, zimukile.

OLUNYE UDABA: BUKA: Kuphephuke izindlu, kwasiphuka izihlahla kuhlasela isiphepho eKapa

Kule zindlu zesikhashana kubalwa kuzo amakhaya angu-365 eMizamo Yethu, amakhaya angu-74 eDisa Park kanye namakhaya angu- 264 eMadiba Square. Izindlu ezihlala abantu ngokugcwele ezikhahlamezekile kubalwa kuzo iMacassar Village, kusho okhulumela abezimo zenhlekelele eKapa, uCharlotte Powell.

ELavender Hill, uMercia Blom utshele iNews24 ukuthi indlu yakhe ingenwe ngamanzi ngemuva nje kancane kuka-23:00 ngoLwesibili ebusuku.

“Ngokugamanxa kwehora lesi-11 uphahla bese  luvele luqalile ukuphephuka futhi awukwazi ukulala [ase amanzi aqala ukugeleza ophahleni],” usho kanjalo.

“Indodakazi yami kudingeke ukuthi ilale ekhishini ngoba besingakwazi ukulala emagunjini.”

Kumasipala i-Overstrand kubikwe inkinga yokuhamba kukagesi.

Izangoma zezulu, abakwaSouth African Weather Service zixwayise ngomoya onamandla olinganiselwa ku-60k/h kuya ku-80km/h engalindeleka ngoLwesithathu ntambama. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.