Kuphinde kwabulawa omunye umuntu futhi ehostela

2017-02-05 15:11

Durban - Kudutshulwe kwabulawa owesilisa okukholakala ukuthi ungufakazi ecaleni lokubulawa komunye ehostela laseMlazi.

Lesi sehlakalo senzeke ehostela laseGlebelands eselidume ngezehlakalo zokubulawa kwabantu.

Isishoshovi somphakathi uVanessa Burger‚ esitatimendeni, uthe owesilisa udutshulwe wabulawa ezimpambanweni zomgwaqo ngasehostela.

Uthe isisulu besingfakazi ophambili kwelinye icala lokubulala elisenkantolo.

Uphinde wathi umufi ubeyisoka lowesifazane waseGlebelands owabulawa ngowayeyisoka lakhe eMegaCity esikhathini esingangesonto esedlule.

OLUNYE UDABA: Owaxoshwa uKhozi FM ucasule umshayeli wetekisi

UBurger uphinde wathi isisulu sabaleka endlini yaso ehostela ngemuva kokubona kubulawa intombi yaso.

“Selokhu abonakala ebaleka ngemuva kwesehlakalo sokubulawa kwentombi yakhe, kubikwa ukuthi ubonakale esebuya nezimpahla zakhe ngoLwesihlanu (ngaphambi kokubaabuwale).”

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthe owesilisa udutshulwe ekhanda. Uqhube wathi uphenyo luyaqhubeka kanti imbangela yokubulawa kwesisulu ayaziwa.

 - SowetanLive

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.