Kuphinde kwabulawa omunye usomatekisi

2016-07-08 10:03

Johannesburg - Kubukeka sengathi usekude ukuphela umbango womzila ophakathi kwenhlangano yamatekisi KwaMaphumulo neyaKwaDukuza enyakatho yeKZN.

NgoLwesithathu kuphinde kwadutshulwa kwabulawa omunye usomatekisi, uNdumiso Maphumulo,40, ongaphansi kwenhlangano yamatekisi yaKwaMaphumulo.

UNdumiso kuthiwa ubehleli emotweni yakhe nomgibeli ngesikhathi bedutshulwa abantu ebebehamba ngemoto engaziwa.

Funda nalolu daba: Wokhelwe ngomlilo obesolwa ngokuphanga

Umgibeli ukwazile ukubaleka wayocasha ehlathini eliseduzane, kodwa uNdumiso washonela khona lapho.

Bangaphezu kwabayishumi abantu asebelahlekelwe yimpilo yabo ngodlame lwabamatekisi phakathi kwalezi zinhlangano selokhu kuqale unyaka.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane usiqinisekisile isehlakalo.

Kodwa wathi bekungakaboshwa muntu.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.