Kuphinde kwama ukusebenza komunye umbhikisho eVuwani

2017-04-03 14:02

Vuwani – Amanye amabhizinisi kanye nezikhungo zikahulumeni zokunikezela ngezidingo emphakathini eVuwani kuphinde kwavalwa thaqa njengoba umphakathi wakule ndawo uqale kabusha umbhikisho wawo wokulwisana nesinqumo sebhodi elikama imingcele, iMunicipal Demarcation Board (MDB).

Lokhu kungenxa yesinqumo saleli bhodi sokuchitha isicelo sokubuyekeza esafakwa abahlali baseVuwani kanye nasezindaweni ezingomakhelwane, njengoba befuna ukuthi bona bangafakwa kuMasipala waseMalamulele.

Lo mphakathi wafaka isicelo sokubuyekeza ngemuva kokuthi ithimba longqongqoshe lanxusa abaholi baseVuwani ukuba bamise imibhikisho ngoJulayi wangonyaka odlule, nokuthi babheke ukufaka isicelo sokubuyekeza okunalokho.

OLUNYE UDABA: Bekungakaqali ukufunda namanje eVuwani

Kodwa-ke ngesonto eledlule, iMDB, isichithile lesi sicelo, nokuyinto ecasule kakhulu umphakathi.

Inkosi Mmbangiseni Masia ithi umphakathi angeke usalokhu uxoxisana nohulumeni, njengoba ubona sengathi udayisiwe.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka ka-2016 abahlali bakule ndawo bangenela umbhikisho owadonsa izinyanga ezingaphezu kwezintathu, nalapho owawuphikisana khona nosinqumo sikahulumeni sokufaka iVuwani ngaphansi kwe-LIM345, okungumasipala osempumalanga naleli lokishi. Zibalelwa ngaphezu kuka-24 izikole ezathungelwa ngomlilo kule mibhikisho eyayinodlame.

NgeSonto, amaphoyisa avale umhlangano womphakathi obuhlose ukubheka indlela ebheke phambili kulandela isinqumo sangesonto eledlule.

Aphinde avimbela nemizamo yababhikishi yokuvala imigwaqo ngamathayi avuthayo.

Okhulumela amaphoyisa, uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe, uthi amaphoyisa azoqhubeka nokuqapha isimo kule ndawo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.