Kuphume isidumbu kugwazana izelamani eNanda

2017-08-17 14:02

Durban - Usizi luzwa olunye emndenini wakwaDlamini endaweni yaseMaotana, eNanda, okuphume kuwona isidumbu ngoMgqibelo kugwazana izelamani.

Kuthe ngesikhathi lo mndeni ulungiselela umngcwabo, kwaduka elinye ilungu lalo mndeni.

Kushone uSphamandla Dlamini, 26, okubikwa ukuthi ugwazwe wumfowabo alamana naye uNjabulo Dlamini, 20, emsola ngokweba umabonakude negumbagumba yakhe.

Ngokuthola kwephephandaba iLANGA ngelunga lomndeni uNtombenhle Ngcobo, 44, kugqekezwe ekhaya lalo mndeni izigebengu zathatha umabonakude negumbagumba ngomhlaka-5 kwephezulu.

OLUNYE UDABA:Kuphume isidumbu izelamani zibanga intambo kagesi

USphamandla nguyena owafika kuqala ekhaya wabona ukuthi kugqekeziwe wayobika emaphoyiseni. Esebuya uhlangane nomfowabo emgwaqeni wamazisa ukuthi sekugqekeziwe ekhaya kwebiwa impahla.

Umfowabo uvele wamsola ngokuthi unamanga nguyena ozebile lezi zimpahla wazidayisa. Umgwaze inxeba elilodwa enhlizweni washonela khona lapho.

"Umthathe lapho wamhambisa kudokotela kanti umphefumulo usuhlukene nenyama. Udokotela ubize amaphoyisa waboshelwa khona lapho uNjabulo," kusho uNgcobo.

Ngesikhathi kusalungiselelwa umngcwabo kaSphamandla, kwaduka uSiyabonga Dlamini, 28. Waphuma engumuntu obuyayo wangabe esabuya ekhaya.

"Umfowethu lo odukile ubebuye aphanjanelwe yingqondo. Uphume ekhaya egqoke i-jean, ijakhethi emnyama nesigqoko esimnyama. Unesiphongo esigqamile emlonyeni onezihlisa zokusha wazishisa ngokuphuza i-acid," kuqhubeka uNgcobo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.