Kuphume isidumbu unkosikazi enqaba 'nekhekhe'

2017-10-27 19:30

Bulawayo - Owesifazane oneminyaka engu-25 ubudala waseZvishavane usolwa ngokubulala umyeni wakhe ngokumgwaza entanyeni kulandela ukungaboni ngasolinye kubangwa inkonzo yasekamelweni ngoLwesithathu ebusuku.

Ibamba lokhulumela amaphoyisa u-Inspector Ethel Mukwende uqinisekise ukudlula emhlabeni kukaJames Mashwaya, 29, ezandleni zenkosikazi yakhe uMoreblessing Tarusenga eZvishavane.

Omakhelwane batshele abezindaba iChronicle ukuthi uMashwaya ubengumyeni wesibili kaTarusenga ngemuva kokushonelwa ngowokuqala eminyakeni eyedlule.

"Ngesikhathi uMashwaya efika endlini kusolwa ukuthi ubefuna ukuzibandakanya ocansini nonkosikazi wakhe kodwa wenqaba. Unkosikazi wamsolwa usole umufi ngokuba nentombi kwase kuholela ekutheni baxabane.

OLUNYE UDABA:Ubulale umyeni obesekhathele ukubangelwa isicefe ngesoka

"Unkosikazi uthathe ummese wagwaza ngawo umyeni wakhe entanyeni washona," kusho omunye womakhelwane ongathandanga kudalulwe igama lakhe.

Omakhelwane bathe uMashwaya, odume ngelikaDread eZvishavane ubeshayela amatekisi ezimayini.

UMashwaya kusolwa ukuthi wathenga itekisi ngemali kaTaruseng ayithola kulandela ukudlula emhlabeni komyeni wakhe wokuqala.

UMukwende uthe isigameko sokubulala senzeke emzini oseHighlands, eZvishavane.

"Owesifazane, 25, usolwa ngokugwaza abulale umyeni wakhe ngesikele ngemuva kwengxabano. Isigameko senzeke emzini oseHighlanda eZvishavane ngomhlaka-25 Okthoba ngezithuba zabo-23:30," usho njalo.

Kubikwa ukuthi uMashwya ufike endlini unkosikazi wakhe elele, kwabe sekuqubuka ingxabano ephenduke yaba nodlame.

"Ngesikhathi laba bobabili belwa, unkosikazi uthathe isikele wagwaza ngaso umyeni entanyeni. UMashwaya uzamile ukuhamba kepha waphelelwa amandla wabe eseyashona. Kube sekubikelwa amaphiyisa," kusho uMukwenda okhulumela amaphoyisa.

Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko, afice isidumbu sidindilize edamini legazi.

"Isidumbu besinenxeba elijulile lokugwazwa entanyeni, umsolwa ube eseyaboshwa kanti njengamanje usiza amaphoyisa ngophenyo.

"Isidumbu sihanjiswe emakhazeni asesibhedlela iZvishavane siyohlolwa," usho njalo.

 - Bulawayo24

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.