Kuphume isidumbu ngenxa yewunga ePMB

2016-08-09 12:02

Pietermaritzburg - Kuthungathwa abasolwa ngokubulala nokuzama ukubulala endaweni yaseMbali eMgungundlovu esigcemeni sakwaBB befuna iwunga yabo okusolwa ukuthi beyebiwe.

Kudutshulwe kwabulawa uBheki Mbatha oneminyaka engu-37 ubudala obevakashele umngani wakhe uSphamadnla Zondi ngesikhathi kwenzeka isehlakalo kanti yena udusthulwe walimala ekhanda.

Kulesi sigameko kusinde umngani oyedwa walezi zisulu.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa afuna umzukulu ontshontshe umbhede kagogo

Lo mngani igama lakhe elaziwa ngabeSolezwe uthe isathukile kulandela isigameko.

"Besingena endlini ngezithuba zabo-23:00 ngesikhathi kufika abasolwa befuna iwunga yabo abathe ilahlekile.Ngesikhathi uMbatha ethi uyaphendula balandela ngoZondi, mina ngabaleka ngaphuma ngesicabha sasemuva.

"Abasolwa bebelokhu bethi bafuna iwunga yabo."

Kuthiwa le ndoda iqhube yathi ibikhona iwunga ebiphethwe ngomunye wabangani bayo kodwa engazi ukuthi bayithathephi.

ISolezwe liphinde lahosha ukuthi abasolwa bebethumele izingane ukuthi ziyobathengela lo gwayi.

Kuthiwa izingane sezibuya ukuyowuthenga zaphucwa lo gwayi zase ziyotshela abasolwa ukuthi ugwayi ziphuciwe,abasolwa base behloma baqonda kwizisulu zafike zavulela ngenganono base bebaleka.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uqinisekise ukuthungatwha kwabasolwa ngelokubulala nokuzama ukubulala.

Okhulumnela abosizo lokuqala i-ER24 uChitra Bodasing uthe bafice amadoda amabili edutshuliwe, eyodwa ibisishonile kanti enye ibinamanxeba okudutshulwa kodwa isaphefumula.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.