Kuphume nesinedolo emkhankasweni we-EFF

2016-07-31 14:05

Polokwane – Izalukazi zaseSeshego zijoyine intsha ukutshengisa ukweseka uJulius Malema ne-EFF eralini yokugcina yokugaya ivoti ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya.

Abalandeli be-EFF bebelokhu bethelekile enkundleni yezemidlalo iPeter Mokaba Stadium ehlala abantu abangu-45 000 njengoba i-Economic Freedom Fighters iphothula imibuthano yeTshela Thupa, ePolokwane.

Ogogo balapho kuqhamuka khona uMalema eSeshego batheleke ngobuningi babo, abanye behamba ngezihlalo ezinamasondo nemikhoba, bethi bafuna i-EFF igudluze uhulumeni we-ANC emandleni.

"Sifuna uMalema athathe izintambo, aguqule yonke into ngeLimpopo. Yonke into kumele iqanjwe ngegama lakhe," kusho omunye umlandeli.

"Sesihlupheke isikhathi eside ngaphansi kukahulumeni okhona njengamanje, izingane zethu azitholi ngisho imisebenzi," kusho omunye ugogo.

Bathi bangakuthokozela ukuphathwa nguMalema ngoba ukhulele phambi kwabo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.