Kuputshuke uhlu lwabawine ama-BET kanti kunomculi wakuleli 'owinile'

2017-06-19 14:01

Ngesonto eledlule kwaputshuka uhlu lwabawine kuma-BET Awards yize uhlelo lungakaqali nokuqala, kubika iDaily Sun.

Ngokwaloluhlu oluputshukile uNasty C uyena othathe indondo ye-Best International Act: Africa.

Lo mcimbi uhlelelwe ukuba ngomhlaka-25 kwephezulu eLos Angeles kanti abaphathi balolu hlelo sebekhiphe isitatimende sokuxolisa.

"Kube nephutha emishinini yethu ye-BET.com lapho kubonakala khona uhlu lwabaculi abakhethwe njengabawinile kulabo abaphakanyiselwe izindondo ezithile.

OLUNYE UDABA:UBabes uchaza ngesinqumo sokungawahambeli ama-Awards uma engawini

"Siyaxolisa kakhulu ngalesi siphithiphithi kubo bonke abaculi abathintekayo kanye nakubalandeli babo. Sizimisele ukuba nomcimbi omuhle lapho sizobungaza khona nabaculi abawinile,"kusho abakwa-BET ngesitatimende.

Abaculi bakuleli abafana noBabes Wodumo kanye no-Amanda Black nabo basohlwini lwabaculi ababheke ukuwina kanti uYvonne Chaka Chaka uzoba ngomunye wabaculi abazohlonishwa kulo mcimbi kulo nyaka.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.