Kuqashwe isimo eRosettenville ngemuva kokushishwa kwemizi

2017-02-13 16:06

Pretoria – Amaphoyisa aseGauteng athi azoqhubeka nokuqapha isimo eRosettenville, eGoli, kulandela ukuthungelwa ngomlilo kanye nokugasela okwenzeke emakhaya amaningi kule ndawo ngempelasonto.

Amalungu omphakathi wakule ndawo azithathele umthetho ngezandla ngesikhathi egasela ezindlini okusolakala ukuthi kuqhutshwa kuzona ubugebengu okubalwa kubo ukudayiswa ngomzimba kanye nokudayiswa kwezidakamizwa. Kuphinde kwathungelwa ngomlilo izindlu ezine, iningi lazo ebeligcwele abantu bokufika.

OLUNYE UDABA: Baphisane ngocansi abaqwayizi begubha inkululeko

Le ndawo ibilokhu igutshuzelwe wudlame ezinyangeni ezimbalwa ezedlule njengoba abahlali bethi bafuna ukuqeda nya ngezindawo okuhlala kuzo abaqwayizi kanye nalezo okudayiswa kuzo izidakamizwa.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uCaptain Kay Makhubela, utshele iSAnews ngoMsombuluko ukuthi babophe abantu abangu-9 ngokutholakala nezidakamizwa kanye nokuba kuleli ngokungemthetho ngeSonto kulandela ukugasela kwabo endaweni.

Amaphoyisa agasele ezindaweni zokucima ukoma ezisebenza ngaphandle kwezimvume kanti kuphinde kwaboshwa nabokufika abebengenawo amaphepha afanele.

UMakhubela uthi lokhu kugasela kwabo kube yimpumelelo, wathi futh bazoqhubeka nokuhlala kule ndawo kuze kube isimo sibuyela kwesejwayelekile. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.