Kuqhubuke umsindo kuvotwa eLimpopo kulandela ukukhala kweselula yendoda

2016-08-04 14:35

Malamulele - Amaphoyisa aseLimpopo asevalele esitokisini abasolwa abathathu esigodini saseXigalo ngaphandle kwaseMalamulele ngamacala okubalwa kuwo ukushaya iphoyisa, ukuzama ukubulala, ukuphambana nomthetho wezoKethotho nokucekela phansi impahla.

Ngokusho kalowo okhulumela amaphoyisa aseLimpopo uColonel Ronel Otto, indoda eneminyaka engu-26 ubudala phakathi kwalabo ababoshiwe ibiyovota esikoleni iXigalo Primary ngesikhathi kukhala iselula yayo.

"Kufike indoda ebiyovota, ngesikhathi siavota kukhale iselula yayo yayiphendula. Owe-IEC wayitshela ukuthi akavumelekile ukuphendula iselula ngaphakathi endaweni yokuvotela," kusho u-Otto.

Ngokusho kuka-Otto kuqbe sekuqhubuka ingxabano kwabizwa amaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Kdutshulwe iphoyisa esikhungweni sokuvota

"Afice iqulu labantu, azama ukulihlakaza  kwase kuqala enye ingxabano. Leli qulu libe seliqala lihlasela amaphoyisa ngamatshe laze lakwazi nokuhlwitha isibhamu sephoyisa kwelinye iphoyisa ashaya elinye," kusho u-Otto.

Kube sekuqhuma isibhamu emoyeni.

U-Otto uthe oyedwa wabasolwa ubaleke nesibhamu sephoyisa wajahwa ngelinye iphoyisa ngeveni yamaphoyisa. Umsolwa wabe esesilahla.

"Isibhamu sitholakele. Iphoyisa lihlulekile ukulawula iveni layoshayisa uthango kwalimala nowesifazane obehamba ecelebni komgwaqo," kusho u-Otto.

Lo wesifazane olimele uphuthunyiswe esibhedlela iMalamulele la okubikwe khona ukuthi usesimeni esikahle.

U-Otto uthe kuboshwe abasolwa abathathu, amadoda amabili aneminyaka engu-26 neneminyaka engu27 ubudala nowesifazane oneminyaka engu-40 ubudala.

Isimo sibe sesibuyela esimeni kwaqhubeka ukuvota ngemuva, amaphoyisa abebandakanyeka kulesi sigameko awazange alimale.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.