Kuqhunyiswe imoto ethutha imali eGoli

2017-08-30 07:01

Johannesburg – NgoMsombuluko ebusuku, izigebengu ziqhumise imoto ethutha imali elokishini eTembisa, ngokusho kombiko wabezindaba.

Kuthiwa abasolwa abangu-15 abebehlomile babaleke nesamba semali engaziwa.

Kuthiwa laba basolwa bebehamba ngezimoto ezinhlanu okubalwa kuzo i-VW Amarok nePorsche Cayanne, bavulele ngenhlamvu kule moto yemali ebibuya enxanxatheleni yezitolo kule ndawo.

Abasolwa badubule le moto yaze yama. Abashayeli bayo ababili balandele imiyalelo yalezi zigebengu balala phansi sebekhonjwe ngezibhamu.

Laba basolwa babeke iziqhumane kule moto lapho okuhlala ngakhona imali bayqhumisa.

OLUNYE UDABA:Basale enkundleni abasolwa abahlanu eThekwini

Amaphoyisa athi abasolwa babaleke nemali eningi kakhulu kanye nezibhamu zonogada.

Kuthiwa la basolwa bawuhlele kahle lo msebenzi wabo ngoba bawenze ngokucophelela futhi beshesha.

Amaphoyisa afike ngemuva kwendaba kodwa athi kube yinhlanhla ukuthi akuzange kulimale muntu kulesi sigameko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.